Kishore Kumar Hits

Nomndayi - Iskorokoro şarkı sözleri

Sanatçı: Nomndayi

albüm: Iskorokoro


Noma impilo ingayiskorokoro, kugcwele izimfamona ithi ngizophumelela
Ithi ngizophokophela
Ithi umuntu angeke aphumelele ukungicekela phansi
Noma impilo ingayiskorokoro, kugcwele izimfamona ithi ngizophumelela
Ithi ngizophokophela
Ithi umuntu angeke aphumelele ukungicekela phansi
Ithi noma impilo ingayiskorokoro, umuntu angiphathise okwenuku
Mina angisiyena owomuntu, ngeke ngisatshiswe ilutho
So, mina ngeke ngiphile intando yakho
Kuningi ekusamele ngikwenze emhlabeni ngeke ngilokhu ngivikana nawe
Wena, ungangiphosa, ungichele, ungikhwife still wena usamosha iskhathi sakho
Mina nginake impilo yami
Nokuthi ekhaya silala sidlile, futhi umuzi umile and sinjabulile
Ukuthi uthini ngami wena, akusilodokwe eligayelwe mina lelo
Uzigayele ngokwakho, ngakho lilinde liphole uliphuze ngoba mina angizi lapho
Noma impilo ingayiskorokoro, kugcwele izimfamona ithi ngizophumelela
Ithi ngizophokophela
Ithi umuntu angeke aphumelele ukungicekela phansi
Noma impilo ingayiskorokoro, kugcwele izimfamona ithi ngizophumelela
Ithi ngizophokophela
Ithi umuntu angeke aphumelele ukungicekela phansi
Bayohlezi bekhona labo
Omonalisa abancomi labo
Bagade kona ukunaka izindaba zabantu bese beyona
Ekuncomeni kwabo kuhlezi kunehlo lenyoka, inhliziyo iyabopha
Baveze elomhlathi izinyo mangabe bekubona, ebusuku bayapoka
Bafuna ukuthi udikibale, udube umhlaba, udideke ingqondo ukhale
Bafuna ukuthi udede indawo basale babuse, bakukhwele ekhanda
Bafuna ukuzidalela ngempilo yakho bakuphunce unembeza obala
Bekhohlwe ukuthi wena okamdali owakudala ngenhloso naye
Awufikanga ngephutha la emhlabeni
Noma impilo ingayiskorokoro, kugcwele izimfamona ithi ngizophumelela
Ithi ngizophokophela
Ithi umuntu angeke aphumelele ukungicekela phansi
Noma impilo ingayiskorokoro, kugcwele izimfamona ithi ngizophumelela
Ithi ngizophokophela
Ithi umuntu angeke aphumelele ukungicekela phansi

Поcмотреть все песни артиста

Sanatçının diğer albümleri

Benzer Sanatçılar