Kishore Kumar Hits

Nomndayi - Nomndayi (Izinto ezinhle) şarkı sözleri

Sanatçı: Nomndayi

albüm: Uphaphe Ep


Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, Ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Ngyazi akekho oseke wangitshela ukuthi izinto zizoba lula.
Ngyazi akekho oseke wangitshela ukuthi inhliziyo ayizukuphuka.
Kodwa ekukhuleni kwami njengoba ngikhula mina, izinto ziyaguquka.
Kahle kahle mina nenjabulo syaphambana, kanti kunini okwami ukulunga.
Ngeke ngeke mina.
Why eyami impilo kumele ifoswe?
Why ingabekwa kulaba ekumele batotoswe.
Engithi why, why, why, why?
Mhlasimpe ziyabaleka mina izinto engithi mangihlanganisa empilweni yami zihlangane.
Mhlasimpe zingcosana ezinto esengisebenzele mina lezi eziningi zidinga ngilandele.
Sengaze ngasola nokuthi khona umshophi othile owenza ukuthi ezinhle zingibalekele.
Kanti mina ngumuntu onjani?
Ngumuntu ofanelwe okunjani ngoba ngihlezi ngikhala.
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Sengyayibona lento yami isuka kude.
Manje angazi noma umdali noma isandla somuntu.
Noma mhlasimpe sekwamacala abazali zali zali, abadala bayangivalela.
Noma mhlasimpe ngiqinisile lesi isandla somuntu esenza impilo intenga ntenge.
Noma mhlasimpe inkinga ikumina, ngibuka abantu kakhulu ngihlulwe ukuziphantela.
Kodwa ke into engiyibukayo iyona nto ezongibulala le, ngoba ngyazahlulela.
Inkinga angisathembi mangabe ngigqugquzelwa ngethemba bo.
Impela angisayingeni, angisazi nokuthi ngangilishiyephi lona.
Ngoba phela kade ngangigilwa, lona belikuphi impilo ingivivinya.
Izinto ezinhle zisho ukuphika namanje azivumi, impilo iyabhimba wee.
Iyelele
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.
Mina injabulo kulomhlaba angiyazi, ngoba selokhe ngaphaphama izinto ezinhle ziyabalekelana nami yee.

Поcмотреть все песни артиста

Sanatçının diğer albümleri

Benzer Sanatçılar