Kishore Kumar Hits

Desire Marea - Rah (feat. Zoë Modiga) şarkı sözleri

Sanatçı: Desire Marea

albüm: On the Romance of Being


Langa libalele
Kwaba ngathi umhlab' umsulwa
Kwaphenya izinkungu
Kwadela amazolo
Gqwaba gqwab' amafu
Athwel' iinyembezi zay'zolo
Nawo ayathembisa
Inhlambuluko
Umhlaba unamanxeba
Isomiso asishiyi lutho (asishiyi lutho)
Umhlaba unamanxeba
Lapho kwakukhona imihosha
Imihosha
Mhlaba ulimele
Mhlaba ulimele
Iyofika lemini oyilindele
Zonk' izizwe zidla kwisilonda njengezimpethu
Mhlaba ulimele
Mhaba, mhlaba yo
Sitha sethu, somiso
Mhlab' onameva
Wena onenxeba
Silonda sethu asilapheki
Nyembezi azisuleki
Asisakwazi
Siyagoloza
Siyasindelwa (sindelwa)
Zulu sixolele
Buya Nomkhubulwane
Netha, netha, netha
Siyakucela, vakasha Nomvula
Kuningi, kunini
Siyakhothama
Sicela isambulo thina
Hheh-mmm
(Hheh-mmm)
Hheh-mmm
Izulu lisho okuningi
Akusacaci, akunasigqi
Wacwayiza liyaduma
Wazamula libalele
Izulu lisho okuningi
Akusacaci, akunasigqi
Wacwayiza liyaduma
Wazamula libalele
Libalele (repeat)
Mhlaba ulimele
Mhlaba ulimele
Iyofika lemini oyilindele
Zonk' izizwe zidla kwisilonda njengezimpethu
Mhlaba ulimele

Поcмотреть все песни артиста

Sanatçının diğer albümleri

Benzer Sanatçılar