Kishore Kumar Hits

Heavy-K - Khuphuka Khusta - Intro şarkı sözleri

Sanatçı: Heavy-K

albüm: Respect The Drumboss 2021, Pt. 1 (10 Years Of Heavy-K Edition)


Cofi bhal' inkondlo sehli isambulo
Awu ngisab' ubude bendlela
Impela umuntu isdalwa saka moya
Ngoba mawungamgqiba namhlanje yazi ukuthi k'sasa usangamila
Ngakho ngith khuphuka Khusta
Ayidle ngamabala manje, akusabuzwa ukuthi ungubani na
Imsebenzi ixox' indaba iziy'qede
Impela sekwenzeke konke kodwa
Sekushoda umnikazi wogubhu laseMzansi
Kujaive nes'ne dolo
Ngakho khuphuka Khusta
Khuphula amandla uchith' nezitha
Ngoba abantu banjalo, mawenz' okuhle bakudlel' umona
Bafise ngabe yibona
Ngikubhalela manje usaphila
Ngoba mus' uthule sokwenz' engathi
Siyazi gqaja sizishaya isfuba
Nami ngincela kulowakho umthombo ogwansile
Inkinga imnyaka ayibalwa, kade waqala
Nowayekucindezela usephenduke umlandeli wakho omkhulu
Ufakazi lokuthi ugubhu laseMzansi kuwe
Lisegazini, khuphuka Khusta khuphuka undizle phezulu emafini
Inyoni zezulu zifunda kuwe ukunswininiza
Yazi lenkondlo ingiqeda umoya
Ngoba ngiyibhala ngenhloso yokuqopha umlando
Igalelo ligcwele umhlaba wonke
Kodwa namanje usebenza engathi uyaqala
Ubfakazi obuthi ikhono aliphakanyelwa
Kodwa liya khulekelwa njalo njalo
Kuze kube phakade khuphuka Khusta
Phind ubhale futhi Cofi ngabesengiyabhala

Поcмотреть все песни артиста

Sanatçının diğer albümleri

Benzer Sanatçılar